This content was deleted by the author. You can see it from Blockchain History logs.

Yini Izwi, Lisebenza Kanjani?

ZULU BIBLE VERSES7.png

Deuteronomy 30:11-14

Izwi leNkosi limbulekile lashicilelwa ngolimi olusobala ukuze kungabi nokukhalaza ngokuthi libukhuni aliqondakali.

Makesibheke izindawo eziwu 7 lapho Izwi litholakala khona.

• Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ...ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. Johane 1:1, 14

• Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: "Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu." Mathewu 4:4

• Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. AmaHubo 119:11

• Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. Johane 15:3

• Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. AmaHubo 119:130

• Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. 1 Thimothewu 2:15

Ngiyabonga Ngokufunda Lama-vesi

UNkulunkulu Anibusise

Siphinde Sihlangane Ngokuzayo!