Yini Izwi, Lisebenza Kanjani?

Words
144
Reading
1 min
Listen
Play
9y

ZULU BIBLE VERSES7.png


Deuteronomy 30:11-14

Izwi leNkosi limbulekile lashicilelwa ngolimi olusobala ukuze kungabi nokukhalaza ngokuthi libukhuni aliqondakali.

Makesibheke izindawo eziwu - 7 lapho Izwi litholakala khona.

  1. Izwi leNkosi alifihlakele kumuntu

  2. Alikho kude

  3. Alikho ezulwini kuphela

  4. Alikho phesheya kwezilwandle, ukuze umuntu angafinyeleli kulo

  5. Liseduze kakhulu nawe

  6. Lisemlonyeni wakho

  7. Lisenhliziyweni yakho

• Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ...ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. Johane 1:1, 14

• Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: "Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu." Mathewu 4:4

• Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. AmaHubo 119:11

• Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. Johane 15:3

• Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. AmaHubo 119:130

• Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. 1 Thimothewu 2:15

Ngiyabonga Ngokufunda Lama-vesi

UNkulunkulu Anibusise

Siphinde Sihlangane Ngokuzayo!